Imvume yesihlobo inikezwa umuntu wangaphandle oyilunga lomndeni oseduzane wesakhamuzi noma ohlala eNingizimu Afrika unomphela. Leso sakhamuzi noma lowomhlali, kumele anikeze iziqinisekiso kwezezimali. Imvume yesihlobo isebenza isikhathi somkhawulo wokufinyelela eminyakeni emibili.
Khipha ubufakazi bokuba yilunga lomndeni elisondele kakhulu kwisakhamuzi noma umhlali osekelayo.
Fakela isiqiniseko se-chartered accountant noma ubufakazi obusekela amadokhumende aqinisa ukuthi isakhamuzi noma umhlali osekelayo unazo izimali noma inhlanganisela yezimali zokusekela eninazo. Imali yokusekela akumele ibe ngaphansi kuka-R5 000 ngenyanga kumuntu ngesikhathi sokuvakasha lokhu akusebenzi kowakwakho noma ingane encane encike kuwe.
i-visa esebenzayo izitifikedi zodokotela maqondana nomenzi wesicelo kanye nawo onke amalunga umndeni ahambisana nawe.
Isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa uma ungaphezu kweminyaka engu-21 maqondana nawo wonke amazwe alapho uke wahlala khona isikhathi esingaphezulu konyaka owodwa noma ngaphezulu kwaso, ukuthi sinikezwe ezinyangeni ezingu-12, uma singeke sanikezelwa ngaso leso sikhathi.
Imibiko yodokotela nabezama-x-ray, maqondana nomenzi wesicelo ngamunye. Imibiko yabenza ama-x-ray ngeke yadingeka ezinganeni ezingaphansi kweminyaka engu-12 noma abesimame abakhulelwe.
Izicelo zingathatha isikhathi esifinyelela ezinsukwini ezingu-30.
